Umqeqeshi weSekhukhune United, uBrandon Truter, uthi ngisho ingamletha eThekwini iKaizer Chiefs ngeke kuyisize ngalutho njengoba engayazi induku yayo eFNB Stadium.
IChiefs izobhekana neSekhukhune kusasa eMoses Mabhida Stadium. Kuzokhumbuleka ukuthi iChiefs ibuye ikhethe izinkundla ezingaphandle kweGauteng ukuze iqinise ukudayiswa kwamathikithi okungahambi kahle eFNB Staidium isikhathi esiningi.
Next Match
— Kaizer Chiefs (@KaizerChiefs) September 26, 2023
🏆#DStvPrem
⚽️Kaizer Chiefs vs. Sekhukhune United
👕First Team
🗓Wednesday 27 September 2023
🏟 Moses Mabhida Stadium
🕞19h30
📺SuperSport 202
🎟R60 – Computicket, Shoprite – https://t.co/nSBHeT3ji1#Amakhosi4Life #Khosified pic.twitter.com/0qfvN5KmLS
“Angikhumbuli iChiefs ingishaya eFNB Stadium, nasesifundazweni iKwaZulu-Natal nginerekhodi elihle uma ngibhekene neChiefs.” usho kanje.
“Kusho ukuthi babukile babona kungcono bawulethe eThekwini lo mdlalo. Sizobabona eThekwini.”
ISekhukhune isashaywa kanye kule sizini kwiDStv Premiership. Emdlalweni wayo wokugcina eKZN iguqise iRoyal AM ngo 1-0.
Umdlalo uzoqala ngo-19:30.