Umqeqeshi we-Orlando Pirates akanavalo ngokudliwa kwezakhe imidlalo emithathu ilandelana, kunalokho uthi konke kusahamba kahle futhi ulindele abalandeli abawu-40 000 ngoLwesihlanu emdlalweni wabo weCAFCL neJwaneg Galaxy abadinga ukuwunqoba.
NgeSonto iPirates ishaywe yiStellenbosch ngo 1-0 koweMTN8 kodwa yadlulela kwi-final ngomthetho we-away goal kwazise yanqoba ngo 2-1 emlenzeni wokuqala we-semifinal ekuhambeni.
Izobhekana neMamelodi Sundowns kwi-final ngo-October 7 eMoses Mabhida Stadium.
Ekhuluma ngemuva komdlalo umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, uthe ngokwakhe abadliwanga ngeSonto ngoba bayifezile inhloso yabo yokufinyelela kowamanqamu.
“Sisanethuba lokungena kuma-group stages eChampions League, uma sizodlala kahle ngoLwesihlanu. Kusezandleni zethu. Sizokwenza phambi kwabalandeli bethu ekhaya. Nginethemba lokuthi kuzotheleka abalandeli abawu-30 000 kuya ku-40 000.”
“Sizodlala kwi-final. Sinethuba elifanayo neqembu esizobhekana nalo ngo-October 7, kusanemidlalo ewu-25 okusamele siyidlale kwiligi.
“Ngokwami konke kusahamba kahle.”
Lo mqeqeshi ukuvumile nokho ukuthi abadlali bakhe kumele bakhuphule amasokisi, ikakhulukazi phambi kwepali njengoba sekubuye umkhuba omdala wokuba buthuntu.