Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, unethemba lokuthi bazoqhubeka ngegiya abaqale ngalo kwiMTN8 uma sebebhekene neStellenbosch FC emlenzeni wesibili.

Ezimnyama ziphambili ngo 2-1, okuyi-score esingakhaveka uma bengayiqapheli iStellies. IPirates iqhuzukile ngempelasonto edlule ishaywa yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 koweligi, okuwumphumela angawuthandanga neze uRiveiro osole abadlali bakhe ngokuvukwa izinto ezindala angazithandi.

Ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo uveze ukuthi ulindele abadlali bakhe badlale azingeni abajwayele ukulikhombisa kulo mqhudelwano.

“Yonke imidlalo siyilungiselela ngendlela efanayo kodwa indlela esidlala ngayo ayifani, ngisho ngabe umlenze owodwa noma emibili. Ngesizathu nami engingasazi, sidlala kahle kulo mqhudelwano, futhi ngiyethemba sizoqhubeka kulelo giya,” usho kanje.

Lo mqeqeshi uqhube waveza ukuthi ukudliwa emdlalweni wabo odlule kusho ukuthi badinga iwin kolandelayo.

“Umdlalo esifuna ukuwunqoba, noma sihamba ophambili, asifuni ukudlala umdlalo ongenamagoli, ngifuna siwunqobe.”