Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi akumthusanga ukubona iTS Galaxy idedela isibhaxu kwiMamelodi Sundowns ngoLwesibili ebusuku.
ISundowns iguqiswe yiGalaxy NGO 1-0 eMbombela Stadium okujabulise abalandeli abaningi bePirates esembangweni wesicoco neDowns.
Lokhu kwenzeke ngemuva kwesibhaxu sika 4-1 esidedelwe yiSundowns kwiPirates ngempelasonto edlule ngoMqgibelo.
Ekhuluma ngaphambi komdlalo wabo weNedbank Cup uRiveiro uthe akumtatazelisi ukushaywa yiSundowns futhi akazikhathazi ngemidlalo yayo kakhulu noma eyibuka.
“Siyasazi isizathu sokudliwa kwethu [koweSundowns)…okwenzeke emdlalwleni wabo olandelayo akuhlangene nathi,” kusho uRiveiro ngokombiko we-iDiski Times.
“Angiyibuki imidlalo ngethemba lokuthi bazodliwa futhi angizihluphi ngokubheka iscore ocingweni lami uma bedlala ngoba akukho engingakwena. Okwami ukugxila kumdlalo wethu olandelayo, njengamanje umdlalo weNedbank Cup.
“Uma sesidlulele esigabeni esilandelayom nginethemba lokuthi kuzosenza sizizwe kangcono. Kumele sikhombise ukuthi sisaphila, kuningi esisazobhekana nakhona kule sizini.
“Iligi ifana nomjaho omude, kudlalwa imidlalo ewu-30. Ngizonivezela iqinise nje lokuthi kunamaqembu amahle njengamanje kwiligi, asefomini. Uma ngenza isibonelo nje; akungithusanga okwenzeke phakathi kweGalaxy neSundowns.”
IPirates izobhekana neBaroka FC koweRound of 16 kwiNedbank Cup ngoMgqibelo ngo 15:00 ntambama e-Orlando Stadium.