Umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler uthi ukugcwala kwenkundla emdlalweni womlenze wokuqala we-semifinal yeMTN8 kuzonikeza abadlali umfutho wokuzikhandla ngokuphindiwe.
ICity izokwamukela izokwamukela iPirates emlenzeni wokuqala ozobanjelwa eCape Town Stadium ngoLwesibili ebusuku. Umlenze wesibili uzodlalelwa eSigodini e-Orlando Stadium ngoMgqibelo.
UTinkler uthi ukugcwala kwabalandeli beBucs enkundleni kungabasiza abadlali bakhe.
“IPirates idonsa abalandeli abaningi noma idlala ekuhambeni. Ngikholwa ukuthi ukugcwala kwenkundla kungalisiza iqembu lami. Akukhathalekile ukuthi kugcwele abalandeli baliphi iqembu, ukuchwaza kwenkundla kugqugquzela umdlali ukuthi anyuse izinga. Angiboni ukuthi abadlali bazophazamiseka,” kusho uTinkler ekhuluma nabezindaba.
UTinkler uthi akufanele bangenelwe yigoli ekhaya ngoba bazozifaka enkingeni yokukhishwa ngomthetho wamagoli asekuhambeni.
“Umthetho wamagoli asekuhambeni usekhona. Kubalulekile ukungalidedeli igoli, ikakhulukazi uma sidlala ekhaya. Kufanele sizibeke ethubeni lokungena kowamanqamu uma sesiyodlala emlenzeni wesibili,” kubeka uTinkler.
Lomqeqeshi uthi weneliseki ngesikhathi abasibumbe kulesizini.
“Senze umsebenzi oncomekayo ngabadlali esibasayinile. Umbango wejezi ushubile eqenjini. Okuhle ngamasizini amane adlulile ukuthi kunenqwaba yabadlali abasebancane esibanikeze ithuba.
“UKaka (Luphumlo Sifumba), Shakeel April noGabriel Amato badlala kangcono ngenxa yabadlali esibasayinile. Sekunzima nokuqoka isikimu kulesizini.
“Bekunzima nokuqinisa abadlali abancane kumasizini adlule, manje sebefunda ngokushesha. Kuyashuba nasejimini, abadlali babanga isikimu. Aseyabonakala amava kaHaashim (Domingo), Fortune (Makaringe) no-Amadou (Soukona). USoukona uselivezile izinga lakhe ezinsukwini ezimbili esijoyinile,” kusho uTinkler.