Akalilahlile ithemba lokuyodlala phesheya kwezilwandle umdlali weMamelodi Sundowns uTebogo Mokoena yize esayine inkontileka ende eChloorkop. 

Amahebezi ase-Europe aqine kakhulu ngoFebruary ngesikhathi uMokoena esiza iBafana Bafana inqoba indondo yethusi i-Africa Cup of Nations. 

UMokoena ugcine esesayina inkontileka entsha neDowns ngenyanga edlule, waqeda ukuqagela ngekusasa lakhe elalibukeka lisengcupheni eChloorkop kulandela ukungavumelani ngezimfuno ezithile. 

UMokoena ukhulume nabezindaba ngaphambi komdlalo womlenze wokuqala weMTN8 abazowudlala neStellenbosch ngoLwesithathu. 

“Ngisenalo iphupho lokuyodlala phesheya kwezilwandle. Sisazodlala kwiClub World Cup ngonyaka ozayo, ithuba lisekhona. Ngijabule ngokuba seqenjini. 

“Ngisayine inkontileka entsha ngoba ngichazelwe ngokufunwa yiqembu. Bekulula kakhulu ukuhlala eqenjini ngoba sisazodlala kwiClub World Cup, kusekhona ne-AFL (African Football League) nemidlalo yeBafana Bafana,” kusho uMokoena ekhuluma nabezindaba eChloorkop. 

Umdlalo womlenze wesibili uzobanjelwa eMoses Mabhida Stadium ngeSonto.