AmaZulu FC asehlukene nomgadli oke wathwalwa ngeqoma kwiPSL, uVictor Letsoalo, ohlale isizini eyodwa eThekwini.

ULetsoalo ushaye udaka ngesizini edlule evalela amagoli amathathu kwimidlalo ewu-22 kuyo yonke imiqhudelwano.

AmaZulu alande lo mgadli kwiSekhukhune United, ngemuva kokuvalela amagoli amahlanu nje kuphela ngesizini ka-2022/23. ISekhukhune yamthenga iRoyal AM kade itshela amaqembu amfunayo ukuthi uzodedelwa ngoR15 million, kwazise wayeqeda ukuvalela amagoli awu-17 ngesizini ka-2021/2022.

Ukushiya kwalo mdlali kuSuthu kusho ukuthi akagculisekile ngakwenzele iqembu, kanti nalo iqembu alisazimisele ngokumnikeza enye isizini ukuthi akhumbuze abantu ukuthi kungani eke wabalwa nabagadli abaphambili kuleli.

Okwamanje akukacaci ukuthi uyaphi uLetsoalo kodwa ukhonjwa kwiTS Galaxy.