Isitobha se-England neCrystal Palace, uMarc Guehi, sithi isikwati sonke siyamethemba umqeqeshi uGareth Southgate namaqhinga akhe.
I-England ihhewulwe abalandeli bayo ngoLwesibili kulandela ukubhacaza ibhekene neSlovenia emdlalweni wokugcina wamaqoqo ophele ngo 0-0. Kunedlanzana labalandeli elaphosa izinkomishi ze-plastiki kuSouthgate ngesikhathi ezobabonga sekuphele umdlalo.
Lomphumela uqinisekise ukuthi i-England iqeda esicongweni kuGroup C.
UGuehi (23), oseyidlale yonke imidlalo yamaqoqo ebambisene noJohn Stones emuva, ukhuthazwa yirekhodi elihle likaSouthgate eqenjini lesizwe.
“Umqeqeshi unerekhodi elihle eqenjini lesizwe. Irekhodi lakhe liyazikhulumela. Iqembu lonke liyameseka umqeqeshi. Sibambene siyiqembu, sibheke ukunqoba izinselelo ezilandelayo. Siyamthanda umqeqeshi, ikakhulukazi mina.
“Wanginikeza umdlalo wokuqala kwi-England, ukhombisa ukungethemba. Ngiyalibonga ithuba anginikeze lona, neqembu lonkana liyameseka,” kubeka uGuehi ecashunwa abeBBC Sport.
UGuehi, ogijima kwiCrystal Palace, uthi ikhempu iyaziziba izinkulumo eziqhamuka ngaphandle.
“Iqembu alizinakile izinkulumo eziqhamuka ngaphandle. Siyabonga kubalandeli ngoba bahambele kwelinye izwe bezokweseka iqembu. Ikhempu yethu ayitatazeliswa ubala. Iqembu lonke lilungiselela umdlalo olandelayo,” kusho uGuehi.
Marc Guehi is a class act on and off the pitch. He’s doing himself proud, it’s been so great to see the praise he’s had in a hugely underwhelming couple of weeks for the team as a whole.
— HLTCO (@HLTCO) June 27, 2024
pic.twitter.com/Qbwo7dBC6m
AmaThree Lions anendlela engekho enzima ebheke kowamanqamu uma engahlula iSlovenia abazodlala nayo ngeSonto eGelsenkirchen.
I-England angeke ibhekane neSpain, Germany, Portugal, France nePortugal kuze kufikwe kowamanqamu uma kwenzeka ifinyelela eBerlin ngomhlaka 14 kuJulayi.
UGuehi ukholwa ukuthi alikho iqembu elilula esigabeni somkhumulajezi.
“Kucacile ukuthi alikho iqembu elincane kulomqhudelwano. Wonke amaqembu aqinile. Kufanele sehlise umoya, singazifakeli ingcindezi. Ikhempu yethu ayinayo ingcindezi. Kumele sibheke umdlalo ngamunye,” kubeka uGuehi.