Inkakha yeBafana Bafana uLucas Radebe ubona kungaphelile ngomgadli weBurnley uLyle Foster osegijima esigabeni seChampionship ngesizini ka-2024/25 kulandela ukudliwa yizembe kwi-English Premier League (EPL) ngesizini edlule. 

IBurnley idliwe yizembe kwiPremier League isagijime isizini eyodwa kuphela. 

URhoo, oseke wadlalela iLeeds United kwiPremier League ngaphambilini, uthi alikho ihlazo ngokwehlela kwiChampionship ngoba iyisigaba esiqinile. 

“Ukwehlela kwiChampionship akuchazi ukuthi uyisahluleki. Iiphezulu izinga kulesigaba azodlala kusona. Maningi amaqembu azoshubisa umbango wesicoco kwiChampionship. 

“Ukudlala esigabeni esingezansi kuzokhombisa ukuthi usecuthiwe emqondweni. Ngibona enethuba lokuziveza kwamanye amaqembu uma ezimisela.

“Akukhathalekile ukuthi udlala esigabeni esiphansi noma esiphezulu. Kuyenzeka wehlelwe umdlandla uma udlala esigabeni esiphezulu. Okuhle ngokudlala esigabeni esingezansi ukuthi usanethuba lokukhuphukela esigabeni esingenhla,” kubeka uRadebe ecashunwa iSowetan.

UFoster ushaye amagoli amahlanu, wakhandela ozakwakhe amagoli amathathu ngesizini ka-2023/24. URadebe ucebise lomgadli ngokuthi aqhubeke nokuzimisela ngisho esedlala ehlathini.

“Kufanele azimisele uLyle, lokho kuzombuyisa naseqenjini lesizwe. ULyle usadlala ezingeni eliphezulu eqenjini nasezweni lakhe. 

“Ukuzimisela kwakhe kuzomvulela amathuba okubhekwa amanye amaqembu. Usazodlala isikhathi eside, usengabuyela kwiPremier League nakwamanye amaligi asezingeni eliphakeme,” kusho uFoster.

UFoster wayengomunye wabadlali ababalulekile ngesikhathi amaClarets enqoba iChampionship ngesizini ka-2022/23 ephekwa uVincent Kompany osejoyine iBayern Munchen.