Umqeqeshi waMaZulu, uRomain ‘Fohloza’ Folz uphinde wakhala ngobuthuntu kwabadlali bakhe phambi kwepali bekhishwa yiqembu elakhipha iSuperSport United kwiNedbank Cup, iDondol Stars. AmaZulu akhishwe ngo 5-4 kuma-penalty kade zibambene ngo 1-1 eFNB Stadium izolo.
Kulo mdlalo Usuthu lwakhe amathuba awu-23 okukora kodwa abe mane kuphela abheke kunozinti.
UFolz ubongele iStars ngokubashaya kodwa wathi lo mphumela udalwe ukugeja kwezakhe.
“Okokuqala ngicela ukubongela iDondol Stars ngokunqoba umdlalo ngepenalty eyodwa, ngoba bakore onke ama-penalty abo thina sageja eyodwa,” kusho uFolz ngemuva komdlalo.
“Emdlalweni sizifake enkingeni ngokugeja inqwaba yamagoli. Sike sageja siphambi kwepali. Uma ubheda ngaleyo ndlela phambi kwepali uzibeka engcupheni yokuthi umdlalo uye kwi-extra time noma kuma-penalty. Iyonanto eyenzekile namhlanje. Uma kukhulunywa ngokwakha amathuba, asinankinga, inkinga ukuwavalela nje. Noma ngilishayela ihlombe iqembu elidlulile, sizigwaze ngowethu kulo mdlalo.”
Abosuthu sebezozama ukugxila ekuzameni ukuqinisekisa ukuthi kuphela isizini bekwi-top 8.