Okhulumela umgadli waseBurundi ogijima kwiKaizer Chiefs, uBonfils-Caleb Bimenyimana, uRui Frois, usecele abalandeli baMakhosi ukuthi behlise ukuxgeka lo mdlali.

UBimenyimana, onamagoli ayisikhombisa kwisizini yakhe yokuqala kwiChiefs, uphikwa yizinto phambi kwepali muva nje njengoba sekudlule imidlalo ewu-8 engayazi inethi.

Abalandeli beChiefs bahhewule lo mdlali ngesikhathi ephuma enkundleni kumdlalo wabo neRichards Bay ngempelasonto.

Ekhuluma ngalesi sigameko kanye nokugxekwa kwalo mdlali ezinkundleni zokuxhumana, uFrois uthe bazama konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi lezi zinto azimthikamezi enkundleni uBimenyimana.

“Uwumdlali ohamba phambili ngamagoli kwiChiefs, kumele esekwe ukuze ezobuyela efomini, ukugxekwa akumsizi. Amagoli akhe alekelele iChiefs ukuthi ibe la ekhona njengamanje, usazophinde ebajabulise abalandeli futhi.

“Kuyishwa ukuthi kunabantu abakhetha ukubuka okubi kunokuzama ukwakha. Kungani behlukumeza umgadli odlala okukuqala kwiDStv Premiership osesize iqembu ngamagoli?” ubuze kanje engxoxweni neKickOff.

UFrois uthe bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi udlala ezingeni elifanele uCaleb.