Umdlali wasemuva kuMaZulu FC, u-Abbubaker Mobara, uthi maningi amaqembu asaba ukubhekana neCape Town City FC kwiDStv Premiership, ubala neMamelodi Sundowns lapho.
UMobara uveze lokhu engxoxweni nabezindaba ngaphambi komdlalo woSuthu namaCitizens ongeSonto ngo-17:30 ntambama eMoses Mabhida Stadium.
“Ngisho neSundowns iyesaba ukubhekana neCape Town City FC, ngakho nakithi kuzoba wumdlalo onzima. Iyiqembu elifuna ukuphatha ibhola, futhi iyakwazi nokwakha amathuba okukora.
“Ayiphel’umoya, idlala uze uyophela umdlalao. Okwethu ukuthi silandele amaqhinga omqeqeshi, sinalo ithuba lokuthola amaphuzu aphelele.”
Lo mdlali uthi bachithe iholidi leFIFA belungisa izinto ezincane umqeqeshi weqembu afuna ukubabona bezenza kangcono.
AmaZulu awayiqalanga kahle le sizini njengoba esanqobe kanye kule sizini emdlalweni emihlanu. Akunombolo 14 kwilog yeDStv Premiership.
________________________________________________________________________________________________________________
PROMOTION
Bhalisa i-account ePlaya Bets utholoe ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala! Ngaphezu kwalokho, uthola idoposit bonus ka-20% every week!
Nakhu okunye ongakuthola:
R50 Free Sports Bet 😉
+50 Spins on any pragmatic slots! ⬆️
Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa
Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar
