Umqeqeshi weMagesi FC u-Owen Da Gama uthi ulindele umdlalo onzima kwiKaizer Chiefs abazobhekana nayo koweBetway Premiership namhlanje.
Amakhosi azoya kulo mdlalo eqhuga ngemuva kokuthola isibhaxu kwiMamelodi Sundowns ngoMgqibelo. IMagesi ngakolunye uhlangothi iqoqe amaphuzu abalulekile ishaya iSuperSport United ngo 1-0. Uma iqoqa amaphuzu aphele emdlalweni wayo neChiefs izosuka kunombolo 15 kwilog.
“Kuzoba wumdlalo onzima, angikungabazi lokho,” kusho uDa Gama ngaphambi kwalo mdlalo oseFNB Stadium ngo 19:30.
“Banenqwaba yabadlali abanekhono. Ngakho ke ngilindele umdlalo onzima kakhulu. Kodwa ke nathi sizokwenza konke okusemandleni ukuthola umphumela esiwufunayo.”
Ngesikhathi egcina ukubhekana lawa maqembu umdlalo waphela ngo 2-2.
Uma idliwa iChiefs kuzobe kungokwesithathu ithola isibhaxu kulandelana njengoba ishaywe yiSuperSport United neMamelodi Sundowns emdlalweni emibili edlule. Ngeke kube lula ukubhekana neMagesi eqoqe amaphuzu awu-9 emdlalweni emihlanu edlule.