Amaphoyisa asePort Shepstone asenxuse umphakathi ukuthi uhlabe umkhosi ngamadoda amathathu asolwa ngokukhwabanisa. 

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe lamadoda azibiza ngoThabani Thobezweni Zulu, Timothy Smith kanye noTyson Jermaine Sathialall asolwa ngokukhwabanisa. 

Uthe uZulu wayeqashwe inkampani edayisa izimoto esePort Shepstone, kanti usolwa ngokuthi wakhwabanisa izizumbulu kule nkampani. 

“Ngenkathi uZulu esebenza kulenkampani kusolakala ukuthi wayenikeza amakhasimende imininingwane yakhe yasebhange, athi imali ayifakwe khona. Izindawo ayehlala kuzo isoLundi, eHillary, oTongaat kanye nakuPoint road eThekwini,” kuchaza uLt Colonel Gwala. 

 Eqhuba uthe amaphoyisa athungatha uSmith wase Port Shepstone, ngamacala okweba nokuzenza omunye umuntu (false pretence)

“Umsolwa wathenga imfuyo eMurchison ngo-Okthoba 15 ku2021 wathembisa ukuthi uzothenga nge-voucher. USmith wayehamba ngemoto emhlophe yakwaVW wazibiza ngoBheki Mbhele,” kulandisa uLt Colonel Gwala.

Umsolwa uSathialall wasePhoenix osolwa ngamacala okukhwabanisa nokweba imoto ngo-Okthoba 2021.

Uchaze wathi umsolwa wadayisela isakhamuzi sase Seapark imoto eyebiwa eMlazi. 

“Umsolwa wacela ukuthenga imoto yohlobo lwe-Opel Corsa kulo muntu abatholane naye ezinkundleni zokuxhumana. Bavumelana ngokuthi bashintshane ngezimoto iNissan. Bahlangana basayina yonke into,” kusho uLt Colonel Gwala. 

Eqhuba uthe umthengi weNissanNP 200 wanquma ukuthi abheke amaphepha alemoto, okwatholakala ukuthi anaphepha awo awomgunyathi kanti nemoto yebiwa. 

 Uthe abantu abanolwazi bangaxhumana noDetective Warrant Officer Malinga wase Port Shepstone kulezinombolo: 039 688 1185  noma: 082 ‪810 2622‬. ULt Colonel Gwala uthe umphakathi ungabathinta uzifihle kwi MYSAPS APP noma ushayele lenombolo: 08600 10111‬