UPhrojusa womculo odumile kuleleli uChicco Twala uthi indodana yakhe uLongwe, umculi uKelly Khumalo kanye nalabo ababekhona endlini okwadutshulwa kwabulawa kuyo uSenzo Meyiwa abakhulume iqiniso.
UTwala ubeke kanje ekhuluma neNewzroom Afrika. Uthe akukwazi ukuthi kungadutshulwa umuntu endlini bese abantu abangofakazi beyathula.
“Ngicabanga ukuthi abantu abalaziyo iqiniso indodana yami uLongwe, Kelly Khumalo nabo bonke abantu ababekhona eVoslorous,” kusho uTwala.
Uqhube wathi akangafakwa ezindabeni angahlangene nazo ngoba wayengekho. Uthe uma indodana yakhe uLongwe ithinteka ekufeni kuka Meyiwa ayiboshwe futhi igwetshwe.
“Kungiphatha kabi ukuthi abantu bacabanga ukuthi kukhona engikufihlayo. Kungcoliswa igama lami ngodaba engingahlangene nalo,” kulandisa uTwala.
UTwala ubekhuluma kanje ngenkathi iNewzroom Afrika impheka ngemibuzo mayelana namacala abhekene nawo, elokushaya nelokukhomba ngesibhamu.
Lophrojusa usolwa ngokuthi washaya abasebenzi bakwa City Power waphinde wabakhomba ngesibhamu, athi siyithoyizi. Kuthiwa labasebenzi babebiziwe eBloubosrand, ngenkinga kagesi.
UTwala uthe wayecabanga ukuthi abasebenzi baseCity Power bantshontsha amakhebuli, ngoba babengawufakile umfaniswano, kungekho nokushoyo ukuthi bangabasebenzi.
“Ngacela umuntu ongenzela ingadi ukuthi angilethele isibhamu sami, naye wayengazi ukuthi siyithoyizi. Kunezibhamu esizisebenzisayo ezingamathoyizi uma sishutha,” kuchaza uTwala.
Eqhuba uthe emva kokukhomba labasebenzi ngesibhamu waxolisa kodwa kubalulekile ukuthi uma ungumnini wendawo uzivikele.
UTwala uphume ngebheyili kaR2000 ngoLwesibili kanti icala lakhe lihlehliselwe u-Agasti 26 kuwo lonyaka.