Amaphoyisa KwaZulu Natal aphuma umkhankaso wokuthungatha abasolwa abadubule babulala iphoyisa (52) izolo eMbilo eThekwini. 

Abasolwa abangaziwa kuthiwa bebeduna imoto izolo ngasesikoleni esiseMbilo. U-warrant officer Michael Jameson (umufi) obezolanda indodakazi yakhe esikoleni, ubone lesi sigameko wabe esezama ukunqanda abasolwa.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Athlenda Mathe uthe abasolwa babonile ukuthi uJameson ubehlomile baqala badubula. 

“UJameson ushonele endaweni yesigameko. Amaphoyisa asevule umkhankaso wokuthi athungathe abasolwa,” kuchaza uColonel Mathe. 

Eqhuba uthe izimoto okusolakala ukuthi zidunwe ilabasolwa zitholakele, uthe enye ibidunwe eHammersdale. 

“Izimoto zombili zitholakale zilimele njengoba abasolwa bebe balekela amaphoyisa,” kusho uColonel uMathe. 

Ukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola udlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaJameson nozakwabo baka mufi. 

Uthe amaphoyisa asebenza kanzima ukuthola abasolwa ababulale ilungu lawo. Uqhube wathi uJameson ufe njengeqhawe ebelivikela umphakathi. 

“U-Warrant Officer Jameson ubengasebenzi izolo kodwa ngoba ubewukhathalele umphakathi usebenzile wazama ukulwa nobugebengu. Uyiqhawe futhi umsebenzi wakhe uyancomeka. Angeke size siphumule abasolwa bengabanjiwe ukuzophendula ngamacala abo,” kusho uGeneral Masmola. 

Unxuse umphakathi ukuthi ubikele amaphoyisa ngokushesha uma kukhona okwaziyo mayelana nalesigameko noma ushayelele le namba: 0860010111.