Amaphoyisa athungatha abasolwa ababili ecaleni lokubulawa kowesifazane waseGoli, u-Olorato Mongale, obulawe ngeSonto ngemuva kokubopha umnikazi wemoto alandwe ngayo.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athleda Mathe ngoLwesithathu ukuqinisekisile ukuthi iVW Polo eyalanda u-Olorato itholwe kwi-panel beating workshop ePhoenix, eThekwini, inegazi.
UMathe uveze ukuthi imoto itholwe kulandela ukubambisana kwabaphenyi nohlaka olubizwa ngeSAPS Anti-Kidnapping Task Team.
“Abasolwa basekubhaceni futhi babalekela amaphoyisa. Sicela abantu basabalalise izthombe zabo, kuzosiza uphenyo lamaphoyisa,” kusho uMathe.
Uthe uphenyo lwamaphoyisa luveza ukuthi laba basolwa, okunguFezile Ngubane noPhilangenkosi Sibongiseni Makhanya, baqasha indawo yokulala KwaMashu besuka eGoli.
Izithombe zabasolwa:

