Ntombifuthi Buthelezi
Owesilisa waseHilltop KwaZulu-Natali uthi uzomvulela icala umngani wakhe omshiye enamanxeba okugwazwa kulandela ukumfica embhedeni owodwa eshaya obudala nentombi yakhe kade bephuza ngayizolo.
Ngokomubiko weReaction Unit South Africa, bathi bathole ucingo ngeSonto ekuseni kusempondo zankomo lokuthi abaphuthume beze endaweni yaseHilltop, bezolekelela uPhilani Khumalo ogwazwe amahlandla amaningana, egwazwa wumngani wakhe.
Abasebenzi beReaction Unit bafike endaweni yesigameko, bathola owesilisa enamanxeba akhombisa ukuthi ugwazwe waphindelelwa emzimbeni wonke ikakhulukazi esiswini. UKhumalo ube esechaza ukuthi ubezicimela ukoma ehamba nomngani wakhe kanye nentombi yomngani wakhe, kwenye yezindawo zokucima ukoma eseduze nalapho abahlala khona.
“Sithe sisazihlalele kusemnandi ngezwa intombi yomngani wami isithi ifuna ukuhamba, ngibe sengizama ukuvusa umngani wami njengoba ubesezumekile khona lapho ekade sihleli khona kodwa akavukanga, njengoba uphuzo oludakayo bese limunqobile,” kuchaza uKhumalo.
“Yingakho ngibone kungcono ukuthi ngiyiphelezele intombi yakhe. Bengingeke ngiyivumele ukuthi ihambe yodwa ngoba bese kumnyama ngaphandle, kanti futhi bekungasaphephile. Bengingeke impela ngiyiyeke idwanguze yodwa ebumnyameni, njengoba izwe selonakele kangaka. Abantu besifazane sebebulawa imihla namalanga.”

Uqhube wathi kuthe sekushaye ihora lesithathu ezintathakusa, wezwa kukhona into egudluza iwindi sakulivula egumbini ekade belele kulo nentombi yomngani wakhe. Uthe akayinakanga ngoba ukwazile ukuqhubeka nobuthongo bakhe, njengoba ubezitshela ukuthi mhlampe akusiyona into engaba ubungozi kubo. Ube esethi lento ebigudluza iwindi ibe isiqinisa, ikhombisa ukuthi ililahla phansi iwindi. Ilapho abone khona ukuthi inhloso yalento ukungena ngaphakathi. Kanti bekungumngani wakhe, Ngoba ubone ngaye nje esegulukudela wabafica bezilalele embhedeni nentombi yakhe. Uthe akabuzanga lutho umngani wakhe umbone esekhipha ummese wasondela kuye wamugwaza emvakwalokho wabe esecela empunzini.
“Ngizamile ukulwa , ngazama nokuvimba ummese ukuthi ungangeni ushone phakathi esiswini sami, kodwa umngani wami ubebonisa ukuba namandla amakhulu, kusize khona ukuthi ngimemeze ukuze angiyeke abaleke.”
Ngokombiko weRUSA umsolwa usagcwele amathafa kodwa bathi ababoni lizophela isonto engaboshiwe.