Kufe abasolwa abayisithupha eMachobeni, eNanda, abebedubulana namaphoyisa abebathungatha ngamacala ahlukene ngoLwesine ekuseni.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, ababulewe bebefunwa ngezigameko ezihlukene okubalwa kuzo ukubamba inkunzi, ukugqekeza nokweba impahla emizini yabantu, nawokubulala. Uphenyo luholele amaphoyisa eMachobeni.

“Ngesikhathi ememezela ukuthi asefikile amaphoyisa, abasolwa baphendule ngemvula yezinhlamvu bebhekise emaphoyisa, nabomthetho baphindisela,” kusho okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker.

“Ngemuva kokudubulana, kutholwa abasolwa abayisithupha benamanxeba okudutshulwa sebephangalele. Kuboshwe abasolwa abathathu – abesilisa ababili nowesifazane oyedwa oneminyaka ewu-31. Iphoyisa elilodwa lithole umhuzuko wenhlamvu esandleni.”

Amaphoyisa ashaqe izibhamu ezintathu nemoto eyebiwa KwaDabeka ngoDisemba ngonyaka odlule.

Ungqongqoshe waMaphoyisa uMnuz Bheki Cele uzohambela isiteshi samaphoyisa eNanda ngoLwesine ekuseni.