Usihlalo we-ANC kuzwelonke, uMnuz Gwede Mantashe, uthi uMnuz Jacob Zuma usazoqondiswa ubugwegwe ngezinkulumo zakhe zakamuva ngenhlangano ebusayo.
UMantashe usho kanje engxoxweni nesiteshi somsakazo, i-702, lapho aveze khona ukuthi i-ANC ngabe kade imqondise ubugwegwe, inkinga basamatasa nezinhlelo zokukhankasela ukhetho lwango-2024.
Ngenyanga edlule uZuma waphumela obala ngokungahambisani nobuholi obuphethe kwi-ANC njengamanje waze waveza nokuthi uzovotela inhlangano entsha kwezepolitiki kuleli, uMkhonto Wesizwe Party. Igama lale nhlangano lisabangwa, kungenzeka umbango walo uphelele enkantolo njengoba i-ANC ithi uMkhonto Wesizwe ungowayo, akekho omunye ovumeleke ukuwusebenzisa.
UZuma noma ezovotela iMK Party, usaqhubeka nokucacisa ukuthi useyilungu le-ANC futhi akayi ndawo. UMantashe nokho uthi uZuma uyazi ukuthi usefake umunwe esweni lobuholi be-ANC,
“Uma ekhuluma uthi yi-ANC kaRamaphosa [angezwani nayo] – okusho ukuthi thina sasiyizigqila zakhe, kwakuyi-ANC kaJacob Zuma. Umbono wami uthi phakathi kwezinto esesizifundile siyi-ANC, ngingabala ukuthi akekho umuntu omkhulu kune-ANC,” kusho uMantashe.
UMantashe ugcine eveze ukuthi bazomqondisa ubugwegwe ngemuva kokhetho uZuma.