Sphamandla Gumede

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usegcizelele ukubaluleka kokuzibekisela ngendawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2026 okuyimpumelelo ezolamana nokwenza kahle kweqembu kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) eyayibanjelwe e-Ivory Coast ekuqaleni konyaka.

IBafana isanethuba elikhulu lokuqeda eqhulwini kuGroup C njengoba ibuye nephuzu ibhekene neNigeria kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba eGodswill Akpabio Stadium ngoLwesihlanu.

INingizimu Afrika izobhekana nomakhelwane iZimbabwe eFree State Stadium ngoLwesibili. 

UBroos uthi kubalulekile bazibekisele ngendawo kwiNdebe yoMhlaba ngoba lokho kuzomaketha abadlali bakuleli emaqenjini ase-Europe.

“Kubalulekile ukuthi sizibekisele ngendawo kwimiqhudelwano emikhulu efana neNdebe yoMhlaba ne-AFCON. Abantu abaningi bamangala besibona kwi-AFCON. Kubalulekile ngoba kuzogqamisa abadlali bakuleli e-Europe,” kuchaza uBroos ecashunwa abezindaba.

IZimbabwe ibuya endukwini njengoba yahlulwa iLesotho ngo 2-0 e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu. ILesotho iyona esiqhwakele kuGroup C njengoba ishiya iBenin, Rwanda neBafana ngephuzu elilodwa.

UBroos uthi akalindele banqobe kalula koweZimbabwe kodwa kuzomcika ukungawatholi womathathu amaphuzu.

“Siyawadinga amaphuzu amathathu emdlalweni weZimbabwe ngoLwesibili. Ngizocasuka uma sihluleka ukunqoba koweZimbabwe.

“Kulula ukukhuluma phambi kwabantu ngoba ngiyazi ukuthi umdlalo uzoba nzima ngoLwesibili. Iqoqo esikulo liyindida ngoba linamaqembu angasabisi,” kubeka uBroos.