Obengumqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi ingamanga imibiko yokuthi wake wakhuluma neKaizer Chiefs ngokuyiqeqesha.
UMngqithi uveze lokhu engxoxweni noRobert Marawa kwi-947 izolo ebuzwa ngomumye wabalandeli baMakhosi ukuthi ngabe kuyiqiniso yini ukuthi wachizela umsebenzi eNaturena.
“Angikaze ngikhulume neKaizer Chiefs. Ngike ngizwe abantu bethi nganqaba ukwamukela umsebenzi. Akulona iqiniso. IChiefs ayikaze izama ukungisayinisa,” kusho uMngqithi.
Kuzokhumbuleka ukuthi igama likaMngqithi lalibalwa ohlwini lwabaqeqeshi ‘abaxoxisana’ neChiefs ebithungatha umqeqeshi ekupheleni kwesizini edlule. Ezinkundleni zokuxhumana kunabalandeli abasebembiza ngegwala uMngqithi bemsola ngokubalekela umsebenzi weChiefs ukuze ahlale kwiDowns, okuyinto athi ingamampunge.
IChiefs igcine iqoke ukuqasha uNasreddine Nabi kodwa uMngqithi ushiye isilonda esingakapholi kubalandeli abaningi emxebula ngo 4-0 koweCarling Knockout.
Okwamanje akucaci ukuthi uMngqithi ubhekephi kodwa uzwakale ewumuntu okhululekile.
“Njengamanje ngizipholele, sengiphumile kulengcindezi ebengibhekene nayo kuleminyaka engu-11 eyedlule,” kubeka uMngqithi.