Obengumqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi usephumele obala ngokumqhathe nezembe eChloorkop okuyisinqumo esithuse abaningi kuleli sonto.
ISundowns imemezele izindaba zokuxoshwa kukaMngqithi ngoLwesibili, yethula umqeqeshi omusha ngaso leso sikhathi. Umsebenzi unikezwe uMiguel Cardoso odabuka ePortugal, obekelwe umbandela wokuthi kumele azishanele zonke izicoco ezisele.
NgoLwesithathu uMngqithi ukhulume nomethuli wezinhlelo zemidlalo ohlonishwayo kuleli uRobert Marawa waveza okumqhathe nabaphathi beDowns.
“Ngizoqala ngokubonga ithuba engilithoile kwiSundowns ngoba sihlalisane kahle eminyakeni edlule. Angifuni ukuba wumuntu ogxila kokubi ngoba nakhu ubudlelwano sebuphelile, iqiniso ukuthi singithokozisile isikhathi engisichithe kuleli qembu,” kuchaza uManqoba kwi-947 FM.
“Besengihlale iminyaka esondele ku-12, sanqoba inqwaba yezindebe, angisazi nokuthi zingaki engazinqoba. Nomsebenzi wami wokugcina (wokuba wumqeqeshi) ubungijabulisa, ngenze konke okusemandleni. Ngeke ngikhalaze ngithi mhlawumbe bengingenza kangcono la…
“Umdlalo weStellenbosch (kwiMTN8) ungizwisa ubumuncu ngoba ngangisanda kuwuqala umsebenzi. Neminye imidlalo esidliwe kuyo ngiyazi sasingayinqoba nge-score esihle. Umdlalo obe nzima ngempela ilo wokugcina…isazothusa abaningi i-AS FAR. Iyiqembu elinzima elinabadlali abahle.”
Ebuzwa ngokuxoshwa kwakhe, uMngqithi uthe akanankinga nakho ngoba iqembu belingenzi kahle.
“Akubanga yingxoxo phakathi kwethu, iqembu lingazise ngesinqumo esesithathiwe. Angibanga nankinga ngoba imphumela yemidlalo emibili/emithathu edlule ibingagculisi. Kuyenzeka ufune ukusola omunye umuntu uma imphumela ingahambi kahle kodwa iqiniso wukuthi senze konke okusemandleni ukunqoba yonke imidlalo. Kowamanqamu neMagesi nje uma singadlala izikhawu eziwu-20, singayishaya emdlalweni ewu-19…”
Uphinde waveza ukuthi kumdlalo wamanqamu weCarling Cup neMagesi wayenomcabango wokuqalisa abadlali beBafana ebhentshini ngoba babekhathele bephuma kumdlalo wokuhlungela i-AFCON kodwa ngoba babedlala kowamanqamu wayefuna ukubophela bonke abadlali abathatha njengababalulekile.
Lo mqeqeshi uthi abaphathi beqembu babona izinto zingahambi kahle bakhetha ukwenza ushintsho manje ngoba kuseza neFIFA Club World Cup okuwumqhudelwano abafuna ukwenza kahle kuwo.