Umqeqeshi weSekhukhune United u-Erik Tinkler uthi akumthusi nakancane ukungabizwa kwabadlali beBabina Noko esikwatini seBafana Bafana ngenxa yesisazathu esisodwa.

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos akabizanga noyedwa umdlali esikwatini esizobhekana neLesotho ngoLwesihlanu, bese sidlala neNigeria ngoLwesibili ngesonto elizayo.

Noma engababizanga abadlali baleli qembu, ngesikhathi ekhuluma ngesikwati asiqokile uBroos uthe ngokwakhe iqembu elihlangene ukuwadlule onke amanye njengamanje kwiBetway Premiership yiSekhukhune.

Ekhuluma ngemuva kokubuka ezakhe zishaya iDurban City ngo 2-0 ngoMgqibelo uTinkler uthe akumthusanga ukungawaboni amagama abadlali bakhe ngoba iqembu lesizwe ‘lihlangene’.

“Akungithusanga [ukungabizwa kwabadlali beSekhukhune] ngoba iqembu lesizwe lidlala kahle,” kusho uTinkler.

“Uma izinto zihamba kahle eqenjini lesizwe, sikuphi isidingo sokuthi ulokhe ushintsha abadlali? Kufanele aqhubeke anikeze laba badlali ithuba lokuveza ukuthi kungani bedlala kahle. Uma ke sebehlelwa wumgqiqgo, yilapho okufanele ubuke abanye abadlali.”

Noma esiqonda isinqumo sika Broos sokungababizi abadlali bakhe, uTinkler uwuchithile umbono wokuthi ezakhe zidlala ibhola elimnandi ukuwadlula onke amanye amaqembu ePSL.

“Angivumelani naye ngokuphelele. Kusafanele senze kangcoono uma siphethe ibhola…sibuye sizifake ngaphansi kwengcindezi kungenasidingo.