Umqeqeshi weKaizer Chiefs osabambile uCavin Johnson uvikele unozinti uBrandon Petersen ophisane ngegoli emdlalweni weDSTV Premiership neGolden Arrows. 

UJohnson uqale ngebatha esikhundleni sakhe ebhaxwa yi-Arrows ngo 2-1 eMpumalanga Stadium. 

I-Arrows ishaye igoli lokuqala ngomzuzu ka-20, uKnox Mutizwa ephasela inethi kalula eseqede ukuphuca uPetersen ibhola ezinyaweni. 

Lonozinti uphinde adume ngazo ehlulwa ukuthatha isinqumo ngebhola abeliphaselwe uzakwabo. Ibhola lihlale ngaphansi konyawo, wahlulwa ukulivikela ngaphambi kokuba kufike uMutizwa obefaka ingcindezi. 

UPetersen unuka manambana kubalandeli beChiefs kulesizini ngenxa yamaphutha asejwayele ukuwenza. Lonozinti wenza amaphutha amabili emdlalweni weMTN 8 kudlalwa neMamelodi Sundowns, okwadala ukuthi iGlamour Boys ingadluleli kowamanqamu. 

UJohnson ukhulume nabezindaba sekuphele umdlalo, wadalula ukuthi uzoqhubeka nokweseka uPeterson. 

“Angikaze ngimbone uPetersen enza amaphutha kweminye imidlalo. Sizozama ukulungisa leyonkinga uma enomlando wokwenza amaphutha. 

Ngizombuyisa esikimini ngoba wenze iphutha. Iphutha elenziwa umdlali kufanele libhekiswe ngakimi. Yimina okumele agxekelwe okwenzeke namuhla. Bengingekho kwenzeka izinto eningibuza zona,” kusho uJohnson.