Sphamandla Gumede
Uthi ukulungele ukudlala kunoma iyiphi indawo adlaliswa kuyona umdlali weMamelodi Sundowns u-Aubrey Modiba. UModiba ukhulume kanje emukela indondo yokuba umdlali ovelele ngesikhathi iSundowns ishaya iChippa United ngo 2-1 eSesa Dukashe Stadium izolo emini.
UModiba utholele iDowns iphenathi edlalwa kabi ebhokisini ngomzuzu ka-15. UThemba Zwane uyena oyivalele enethini. UModiba, oqale umdlalo esesiswini, ubuyise esandleni sokunxele emuva esiwombeni sesibili.
Lomdlali ufake ibhola elingqofelwe enethini uPeter Shalulile, yawina kanjalo iSundowns.
“Bekunzima kakhulu, umqeqeshi usitshelile ngaphambi komdlalo ukuthi kuzoba nzima ukuthola amaphuzu amathathu kwiChippa. Bekumele silwe, sibuye namaphuzu agcwele. Kumele sinqobe imidlalo esesandleni, ngiyajabula ukuthi sikwazile ukuwina.
Bekufanele ukuthi silinde, iChippa iyakwazi ukugcina ibhola. Besilindele ukuthi balwe ukuze bezozithengisa kumqeqeshi omusha,” kuchaza uModiba ekhuluma nabeSupersport TV.
Ngalomphumela, iDowns ivule igebe lamaphuzu ayisithupha esicongweni seligi. IDowns inamaphuzu angu-46 ngemuva kwemidlalo engu-20.
“Bekufanelekile ukuthi silinde ukuze nabo bezophuma bedlalela ibhola abalijwayele. Sikwazile ukusebenzisa izikhala ezingemuva kwabo, siyitholile iphenathi. Igoli lesibili bekungumyalelo wabaqeqeshi basitshele ukuthi asifake amabhola ebhokisini.
Ngingenza noma yini ukusiza iqembu. Ngiqale kunombolo 10, ngingena ngaphakathi nenkundla, ngakwazi ukuthola iphenathi. Ngesiwombe sesibili, abaqeqeshi bangitshele ukuthi ngibuyele emuva.
Bebefuna ngigobe amabhola, ngikwazile ukwenza lokho, sashaya igoli. Ngizodlala lapho abaqeqeshi abangibeka khona, ngizokwazi ukusiza iqembu,” kubeka uModiba.