Umqeqeshi weManchester United, u-Erik ten Hag, uzwakala esazimisele ngokusebenzisana noMason Greenwood ngesizini ezayo kodwa isinqumo sokugcina sizothathwa yiqembu elisamphenya.
UGreenwood (21) uphenywa yi-United nakuba izinsolo ayebekwe zona nyakenye sezihoxisiwe. Lo mdlali wamiswa kwi-United kulandela ukuvela kwezinsolo zokuhlukumeza athandana naye, owagcina elihoxisile icala ayelivulile.
Ebuzwa ngalo mdlali uTen Hag uphendule kanje: “useke wakukhombisa ukuthi uwumdlali okwazi ukuyikorela amagoli iMan United, kodwa isinqumo asikho ezandleni zami.”
Okunye okuzobambezela ukubuyiswa kwalo mdlali eqenjini ukuthi i-United iyadayiswa, kusangenzeka kufike abaphathi abasha bamxoshe, noma bathi bafuna adlale.
Khonamanjalo, bahlukene phakathi abalandeli be-United e-UK ngalo mdlali. Kunabalandeli abathi akabuye ngoba akenzanga cala, abanye bathi i-recording eyafaka lo mdlali enkingeni kunzima ukuyikhohlwa..