IKaizer Chiefs izophinde iqede enye isizini ishwiba izandla ngenxa yokuphathwa kweqembu ngendlela elingayiyisi phambili. Umndeni wakwaMotaung ubhekene nenkinga enkulu yokungenami kwezigidi zabalandeli beChiefs abagcwele iNingizimu Afrika yonke.
Impela ngisho iboza kanjani, abalandeli bayo bayithanda ukufa, bayaqhubeka nokuyeseka ngokuthenga amathikithi emidlalo nangokuzwakalisa izwi labo ezinkundleni zokuxhumana. Njengoba iChiefs ibhinjelwa yizinhlelo nje, abaningi sebancamela ukuthi bavele bacuphe emaqenjini asuke ebhekene nezitha zeChiefs, beseke wona njengomthoba nhliziyo walesi sikhathi esinzima ababhekene naso.
Sekuyisikhathi sokuthi umndeni wakwaMotaung ushintshe indlela yokwenza. Siyazi, iqembu lisayikha ngamafosholo imali ohlangothini lwezokumaketha, kodwa enkundleni kuyabheda. Ukuphathwa kwebhola kuleli qembu akuhambi kahle neze.
Uma ubuka abaqeqeshi asebeqashiwe nje emnyakeni edluke, uGavin Hunt kuphela engingathi wayengelona iphutha, okwaba yiphutha ngaye ukumlanda iqembu lingakwazi ukusayinisa abadlali. Ubani ongazi ukuthi uHunt ungumakhala njalo? Ngisho izinto zihamba kahle. Kwathi sekubhimba, waqala wajika abadlali bakhe wakhala ngesigwebo esasibhekene neChiefs. Sonke siyazi kwaphetha kanjani.
Ngemuva kwakhe iChiefs yenze elikhulu iphutha ilanda abaqeqeshi abanganawo amava okuqeqesha kwiPSL, u-Arthur Zwane noMolefi Ntseki.
Noma abanye sebemkhumbule uZwane, mina angizomkhumbula ngakho nje ukudlala ibhola elithembisayo elingenamphumela. Ngeke ngiyingene nokuyingena eyebhola likaNtate Molefi.
Obambile njengamanje, uCavin Johson, ufike kuleli qembu ezele esinye isikhundla kodwa useqeqesha iqembu manje. Emaqenjini aphesheya nje, aphethwe kahle, ngeke uzwe kuthiwa umqondisi webhola, usenikezwe esokuqeqesha. Ubungoqo noma? Kuyaxaka.
Ngaphandle nje kwabaqeqeshi, izinga labadlali beChiefs aligculisi, ngisho isikhishwa imali. Sathi sikhuza ukuthi uSibongiseni ‘Ox’ Mthethwa uyiswaphi njengoba kunenqwaba engaka esiswini seChiefs, bajabula abanye abalandeli. Imali eyasetshenziswa kuthengwa lo mdlali yayingaya kumdlali ozolekelela iqembu lakhe amagoli ngoba linenkinga enkulu phambili.
Ubani owathatha isinqumo sokuthi kusayiniswe isidlakela saseColombia uJasond Gonzalez? IChiefs akuhlukile nokuthi yasayinisa isigxobo sikagesi yasinika ijezi.
Kodwa asingagxeki kakhulu abadlali, inkinga enkulu ebhekene neChiefs manje wukuthi ngathi abaphathi bayo abakwazi ukumelana nezinto eziphatha ukudlala kweqembu. Ngaleyo ndlela, kungayisiza iChiefs ukuthi ibeke abantu abawayizo lo msebenzi ezikhundleni, abanye ngisho bengangena kwi-board yeqembu, kodwa ezikhundleni ezithinta ukudlala kweqembu, bekungayisiza ukufaka abantu abanamava futhi abawufundele lowo msebenzi noma kuyibhizinisi lo mndeni.
Kuloba uThangithini Madlala