Sebengazikhohlisa abafisa ukuzikhohlisa, kodwa mina ngicela ukungayijoyini ingwanekane yabo yokuthi iBafana Bafana ingase inqobe i-Africa Cup of Nations.
Isizathu sombono wami sinye vo, kodwa zikhona nezinye…iBafana izowunqoba kanjani lo mqhudelwano ingenaye umgadli ozoqhulula amagoli angaphezulu kwamathathu? Uma ulandela i-AFCON uzobona ukuthi kubalulekile ukuba nomgadli ovithiza inethi, onamandla. Lokho akusho ukuthi kumele ube netop scorer kumqhudelwano, kodwa umgadli ozosiza iqembu ukuthi linqobe ubalulekile.
Kumqhudelwano wokugcina angaphansi kuk-2 (ngokwe-avarage) amagoli akorwe emdlalweni ewu-52. Lokhu kusho ukuthi mancane amagoli akorwa kulo mqhudelwano. Ukuba nomgadli ongalibheki ipali kusho ukuthi uphethe isikhali abaningi abangenaso kwi-AFCON.
Kumazwe anabagadli abayingozi ngingabala iNigeria ephethe uVictor Osimhen, Egypt enoMohamed Salah, Ivory Coast (Sebastian Haller), Cameroon (Vincent Aboubakar) neGuinea (Sehrou Guirassy) – bonke laba bagadli bazinze e-Europe futhi amagalelo abo ayaziwa phambi kwepali. Ngaphandle kwabo, uGhana nayo iphethe uMohamed Kudus ofike kwiWest Ham wakhombisa amaqembu amaningi amakhulu ukuthi bekungamele amyeke njengoba elandwe kwi-Ajax.
IBafana Bafana kubekeka izohlasela ngabagadli be-Orlando Pirates uZakhele Lepasa no-Evidence Makgopa.
UMakgopa unamagoli awu-4 emdlalweni ewu-13 kwi-Orlando Pirates kule sizini.
ULepasa ngakolunye uhlangathi unamagoli amathathu emidlalweni ewu-12 yeligi. Akubona abantu ongaya empini nabo laba. Uma ngicaphuna kubagadli engibabalile ngenhla, ngizothatha ongadumile nje kubo, uGuirassy. Unamagoli awu-17 emdlalweni ewu-14 kwiVFB Stuttgart (Bundesliga).
Kungcono ngisho iNamibia ephethe uPeter Shalulile osekuneminyaka eveza izinga lakhe kwiPSL.
Ngokubona kwami kube yiphutha ukusala kuka-Iqraam Rayners, osekuveze kaningi ukuthi uyakwazi ukuvalela igoli.
Ngaphandle nje kwabagadli, okunye okushaya iBafana wudonga engingenaso isiqiniseko sokuthi luzokwazi ukumelana nabadlali abade abanamandla nesivinini. Uma ubuka indlela uHugo Broos akhetha ngayo iqembu, kubukeka kuzoqala uSiyanda Xulu noNkosinathi Sibisi emuva. Bobabili abadlali engingeke ngithi ‘ngeke kudlule lutho’ uma ngikhuluma ngabo.