Ngicabanga ukuthi njengabantu baseNingizimu Afrika sidinga ukuzinuka amakhwapha ngokuhamba kwezitolo ezihlinzeka imiphakathi ngezidingo ezisheshayo iningi lazo eseziphethwe ngabantu bokufika abanye babo abadabuka emazweni esingabala kuwo iPakistan.
Ngicabanga ukuthi sonke sinaso isitolo esidayisa izinto ezisheshaya ngasemakithi, ngisho ngabe kuthiwa uhlala endaweni ebizwa nge-suburb bakhona. Abanikazi balezi zitolo sebenikezwe netemu lika ‘my friend’ (mngani wami). Ababona kodwa abangani bethu uma sikhuluma iqiniso. Sekukaningi abanye babo bebanjwa bedayisa ukudla osekudlulelwe yisikhathi, abanye badayisa imikhiqizo engaziwa isukaphi.
Ngicela ukucacisa nokho ukuthi akubona bonke abangayilandeli imithetho yakuleli, futhi umbono wami awugxilile kwindlela abaphethe ngayo izitolo zabo. Engifisa ukugxila kukho kakhulu wukuthi kwenzeke kanjani ukuthi le mboni igcine isingeyabo iningi layo?
Uma uya elokishini, mhlawumbe iKwaMashu noma eMlazi, bakhona. Uma usenkabeni yeTheku, bakhona nakhona. Nasezindaweni ezibizwa ngama ‘suburb’ izitolo zomphakathi sekungezabo. Angikhulumi ngento eyinzwabethi, ngikhuluma ngento engiyibone yenzeka koGlenwood nakoWestville eThekwini.
Angilwi nokuthi bavunyelwe ukuba namabhizinisi eNingizimu Afrika abantu bokufika uma belandela umthetho, ngibuza nje ukuthi kwase kuphatha bona?
Ngenze isibonelo nje, kungashuba isimo uma kungathiwa imboni yamatekisi iphethwe ngabantu bokufika. Abalimi bengathini bona uma amapulazi amaningi engawela ezandleni zabokufika?
Noma ngibalisa ngalokhu, esengikufundile wukuthi kasikho msulwa. Yithina esivumele ukuthi ihambe le mboni.
‘Ziyasihlula lezi zinto’
Ngelinye ilanga mhla ngibekwa kwenye indawo eKZN, ngezwa omakhelwane bekhuluma bethi kudingeka isitolo eduzane, ngoba kwenye indawo eseduzane sesikhona. Ngabuza ukuthi esikhona ngabe siphethwe ngabokufika noma abakuleli. Bathi abokufika…ngathi uma ngibuza ukuthi kungani engekho okhule emphakathani, odabuka kuleli, onesitolo, waphendula oyedwa wathi “ziyasihlula lezi zinto thina.”
Angivumelananga naye, kodwa impendulo yakhe yanginikeza isithombe ngendlela esicabanga ngayo. Sibuye sibuke izinto, sibheke ubunzima, siyeke singakaqali nokuqala.
Okunye engikwaze kusukela ngisakhula wukuthi sibuye siphilisane ngomona. Uma uke wadayisa amagwinya, uzozwa esayadayisa nakwaSbani Bani ezansi. Udayise iziqeda ngesihlanu, benze ezika-40c ngenhla.
Siyahluleka nokubambisana. Uma ulandela kahle ibhizinisi lezitolo engikhuluma ngazo, iningi lidayisa imikhiqizo efanayo, obanyo ukuthi eminye yayo ithengwa endaweni eyodwa. Bayacazelana ulwazi.
Ezweni elinezinga eliphezulu labantu abangasebenzi, akumele ngabe imboni efana nalena isezandleni zabokufika. Emazweni athuthukile (first world countries), lesi simo sijwayelekile, kodwa ezweni elisathuthuka njengeNingizimu Afrika akumele ngabe sekuyisimo esamukelekile.
Ukuze ngiqise umbono wami nje angenze isibonelo. Kungaba nzima kakhulu ukuthi umuntu waseNingizimu Afrika asuke kuleli eyovula isitolo, adayisele umphakathi ePakistan noma e-Ethopia. Kungani abavela kumazwe asathuthuka bekwazi ukukwenza lokhu eNingizimu Afrika futhi kubukeka kulula?