Usihlalo weSAFA National Referees Committee uVictor Gomes usekuqinisekisile ukuthi ziyaqhubeka izinhlelo zokuletha iVideo Assistant Referee (VAR) kwiPSL.
UGomes uveze lokhu ngesikhathi kunomhlangano phakathi kweSAFA nePSL ngeledlule lapho okudingidwe khona izinto ezihlukene ezithinta ibhola. IVAR ibisematheni kulo mhlangano, mhlawumbe ngenxa yamaphutha abonakale kwiDStv Prem kule sizini.
Njengoba isiyophela isizini, asazi noma kuhambisana nokukhathala, kodwa onompempe ngathi benza amaphutha amaningi muva nje, okuphoxa abalandeli abaningi ngoba kuyawona umdlalo.
UGomes uthi sekuseduze ukuthi balethe lobu buchwepheshe kuleli.
“Sibe nomhlangano muva nje, ngiyazi yinto esendleleni manje, Kuyashesha manje. Sikhuluma ngemali ezodingeka emasontweni amabili azayo, sikuleso sigaba manje,” usho kanje.
Inkulumo kaGomes ibeka ngokusobala ukuthi iPSL neSAFA bazama ukuthi kuqale ukusetshenziswa iVAR ngesizini ezayo kodwa okwamanje ayikamemezeli lutho ngalokho.
UGomes uthi iVAR izothuthukisa ibhola lakuleli
“IVAR inekusasa ebholeni. Izosisa iPSL njengoba isisize amanye emhlabeni. Okwamanje kodwa ngizovuma ukuthi asikakulungeli ukusebenzisa lobu buchwepheshe. Kodwa busendleleni, nathi sesikulungele ukuqeqesha onompempe.
“Esingafuni ukukwenza ukujaha izinto bese siba namaphutha. Sifuna ifike, siyisebenzise ngendlela ukuze wonke umuntu ezoyithemba.