Abalandeli baMaZulu bazwakalise ukungenami kwabo ngomqeqeshi omusha weqembu uRomain Folz omenyezelwe kule mpelasonto edlule. AmaZulu athuse abaningi eqasha lo mqeqeshi osheshe washiya kwiMarumo Galllants kugqoza imiphumela ehlulwa ukunqoba umdlalo.

UMengameli wamaZulu, uSandile Zungu, uthe ugcina isithembiso asenza kubalandeli baMaZulu ngokuqasha uFolz.

“Ngiyaphinda futhi ngithembisa abalandeli bethu ukuthi ngizokwenza konke okusemandleni ukubuyisela Usuthu phezulu. Siyiqembu elifanelwe ukunqoba izicoco, angikungabazi lokho,” kusho uZungu.

Ezinkundleni zokuxhumana nokho abalandeli boSuthu bazwakalise ukumngabaza uFolz, abanye bebala inqwaba yabaqeqeshi abanamava abebengaqashwa.