Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena usephumele obala waveza ukuthi akaneme ngezinga elisakhonjiswe uBongani Zungu selokhe eqale ukudlala kule sizini.
UZungu ungene esiwombeni sesibili izolo ngesikhathi iSundowns ixebula iLa Passe ngo 7-0 kumdlalo wokugcina wokuhlungela iCAF Champions League.
Okuqaphelekile ngoZungu wukuthi namanje usabukeka ezimukile emzimbeni futhi akakadlali ezingeni elifanele.
Ebuzwa ngalokhu uRulani ukuvumile ukuthi naye akaneme ngezinga likaBen 10 kodwa usebenza ngokuzikhandla ukufinyelela ezingeni elifanele.
“Angeneme ngezinga lakhe. Uyazi engenza kangcono. Angisabi ukukuveza lokho ngoba yinto esengiyishilo kuye,” kusho uRulani.
“Sizoqhubeka sisebenze naye, ama-physical trainers azoqhubeka ukusebenza nayo ngoba uma ubuka iminyaka emibili edlule ubengekho esimeni esihle. Kodwa ke sikhona isisindo asesehlisile, okukhombisayo ukuthi uzimisile.”
URulani uthe ulindele lo mdlali ukuth abe sesimeni esifanele ngokomzimba maduze.