IKaizer Chiefs izophothula isizini ka-2021/2022 ishwiba izandla, ingawinanga nesisodwa isicoco. Okuzophatha kabi abalandeli beKhosi abaningi wukuthi empeleni leli qembu liqinisiwe ekuqaleni kwesizini ngabadlali okubalwa kubo uNjabulo Ngcobo, Keagan Dolly, Cole Alexander, Phathutshedzo Nange noKgaogelo Sekgota.
IChiefs ifinyelele kumanqamu eCAF Champions League bengekho laba badlali, kodwa ibukeka izohluleka ukuzibekisela indawo kulo mqhudelwano ngesizini ka-2022/2023 bekhona. Kulaba badlali uDolly uyena obe nomthelela omkhulu ekuguquleni ibhola elidlalwa yiChiefs, uNange no-Alexander nabo bayiqinisile esiswini noma ingakafiki ezingeni elifanele.
IChiefs inenkinga yokuba nodonga olushaya ngonyawo lonwabu emuva futhi olunamaphutha. Phambili akukho ngisho oyedwa umgadli weChiefs ofinyelele kumagoli amahlanu kule sizini. USamir Nurkovic kule sizini uqale wahlushwa amaqhinga kaStuart Baxter obembeka ophondweni, wahlushwa ukulimala, kodwa ngaphezu kwalokho ubuthuntu vele phambi kwepali. Ngeke siyikhulume nokuyikhuluma eyoLazarous Kambole noLeonardo Castro. Empeleni bobabili laba bagadli iChiefs kufanele ibachithe ngoba bamosha nesikhala sabadlali bangaphandle abangasayiniswa.
Nalu uhlu lwabadlali engibona ukuthi bangaqinisa iChiefs ngesizini ka-2022/2023 ukuze ilwele isicoco seligi uma ingezukubanda ephakatheni.
Ashley du Preez
Lo mgadli weStellenbosch FC oneminyaka ewu-24 udle ngejubane abagadli abakhona kwiChiefs njengamanje abangenalo. Ngaphandle kwalokho uyakwazi ukudlala ezikhaleni, akathembeli ekubambeni ibhola bese efulathela abadlali basemuva, uyakwazi ukugijima nebhola ezinyaweni, kanti futhi uyakwazi nokufika ebholeni elitsalwa ngemuva kwabadlali basemuva ngenxa yesivivini anaso. UDu Preez unamagoli ayisikhombisa emdlalweni ewu-27 kule sizini, nama-assists amabili. Uma esehlangene noDolly nomdlali ofana noKarma Billiat sizokhuphuka isibalo sakhe samagoli.
Ndabayithethwa Phillip Ndlondlo
UNdlondlo ungomunye wabadlali basesiswini abaphambili kuleli njengamanje. Lo mdlali weMarumo Gallants ube wukhiye wokuthi bafinyelele kowamanqumu kwiNedbank Cup. Kule sizini kwiDStv Premiership unamagoli ayisikhombisa emdlalweni ewu-27. Noma ama-stats akhe ebukeka engasabisi kakhulu, uNdlondlo engasiza iChiefs igcine kangcono ibhola esiswini njengoba ibuye ibe nomkhuba wokulilahla. Okuhle ngaye ukuthi uyathanda ukuzisondeza eduze nabagadli ezindaweni eziyingozi phambili. Esiswini uyalihlaba uyalicela, akacashi. Bengazwana esiswini noNkosingiphile Ngcobo bese kuqiniswa ngo-6 onzima ngemuva kwabo.
Nkosinathi Sibisi
Ukufika kukaNjabulo Ngcobo noThabani Dube akuyiqinisanga iChiefs ngendlela abalandeli bayo abebethemba ukuthi iziqina ngayo emuva. Nokho ke umunwe kufanele bawubhekise kuStuart Baxter ofike kwiChiefs wabakhuhlisa ibhentshi laba badlali waqoka ukudlalisa u-Eric Mathoho noDaniel Cardoso. Iqiniso wukuthu vele abadlali basemuva bathatha isikhathi ukungena egiyeni kodwa ewu, uBaxter wavele wakhetha ukuyiziba eyokuzama ukuqalisa laba badlali ndawonye emuva. Ngenxa yalokho kwehlile ukuzethemba kubo, futhi abanawo umgqigqo ofana nawabadlali abadlala imidlalo ilandelana. Ngicabanga ukuthi uma bezophekwa kahle ngepre-season bazongena egiyeni, kodwa ngeke kuyilimaze iChiefs ukuthayisela ngomunye umdlali wasemuva osezingeni eliphezulu badedele oyedwa phakathi kukaMathoho noCardoso bese bedayisa noRama Mphahlele ngoba akumfanele ukuba wukudla kwebhentshi, kodwa futhi angimboni edla isikimu kwiChiefs.
USibisi usekuvezile kumasizini amabili edlule ukuthi uwumdlali osezingeni eliphezulu, lokhu ukubona ngisho ebizelwe iBafana Bafana. Ukubizwa kwakhe kungasiza iChiefs ibuye ikwazi ukudlala ngendlela i-3-5-2 okuyi-formation edinga ama-centre back anesivinini njengaye.
Thabo Nodada
Injini yasesiswini uNodada (27) uwumdlali ongenza noma iliphi iqembu elikhulu eligijima kwiPSL libe ngcono kakhulu. Uma iCape Town City FC izongena kwiCAF Champions League noma kwiConfederations Cup angiboni izovuma ukumdedela njengoba izobe isethubeni lokuzazisa e-Africa. Nokho iChiefs, esidume ngokubanda uma kukhulunywa ngekence yokuthenga abadlali, inganunusela iCityzens ngemali mhlawumbe nabanye abadlali ababili abahle ukuze ithole lo mdlali ozoyikhuphula izinga. Empeleni ngingathi kumele abe phezulu ohlwini lwabadlali abazoshelwa yiChiefs uma kuphela isizini.
Fagrie Lakay
Iqiniso wukuthi ngabe ngibala uVictor Letsoalo ukube akasondele eminyakeni ewu-30 nokuthi useqenjini vele elizoba manqika ukumdedela ikakhulukazi uma lizobe lidlala kwiCAF ngesizini ezayo.
Ngibe sengikhumbula ukuthi ukhona omunye umgadli wakuleli ongangena khaxa kwiChiefs ngoba uyakwazi ukudlala nasophondweni, uFagrie Lakay (24) odlalela iPyramids FC eGibhithe. Lo mdlali ufulathele elakuleli enamagoli awu-9 kwiDStv Premiership ngesizini edlule, unamagoli amathathu emdlalweni ewu-12 kule sizini kwiPyramids. Into enganqenisa iChiefs inani lalo mgadli kodwa uma ubuka ukuthi iSundowns iphethe umgadli oshisa kunabo bonke ezweni, iPirates nayo kubikwa ukuthi izosayinisa u-Evidence Makgopa (21) engicabanga ukuthi uzoliveza kahle izinga lakhe uma esekweZimnyama, Amakhosi azodinga ukusayinisa noma abagadli ababili abazoxazulula inkinga yokugqoza kwamagoli.