Umqeqeshi we-Aston Villa uSteven Gerrard ufuna afakelwe izibuko unompempe uJon Moss obephethe umdlalo beshaywa iLiverpool ngo 2-1 kwiPremier League.
UGerrard uqhube wathi uyajabula ngoba lonompempe uzothatha umhlalaphansi ekupheleni kwesizini.
Lomphumela ubeke iLiverpool emaphuzwini angu-86 alingana naweManchester City ehleli esicongweni. Umdlalo uqale ngegiya eliphezulu kungena amagoli amabili emizuzwini eyisithupha. UDouglas Luiz ushaye igoli leVilla, uJoel Matip washaya elokulinganisa. Kusize uSadio Mane eshaya igoli lokunqoba ngomzuzu ka-65.
UGerrard ubenganethezekile ngoMoss, ongakhiphanga ngisho ikhadi eliphuzi kulomdlalo. Amazwi awakhiphile ngokujabulela ukuthi lonompempe uzothatha umhlalaphansi kungenzeka amfake obishini uGerrard.
Etshelwa ngemuva komdlalo ukuthi uMoss useyophumula unomphela, uGerrard uphendule kanje.
Ngempela? Kuhle lokho. Angeke ngikhulume okuningi kodwa ngifuna kubhekwe izinqumo azithathile. Ngisho lokho, ngiyathemba uzolandelwa.
Angikhulumanga naye uJon Moss. Ngifuna kubhekwe izinqumo azithathile kulomdlalo. Angikho muncu ngoba sishayiwe. ILiverpool ishaye amagoli amabili, kufanele kubhekwe lokho, akusiyo umsebenzi wami ukunaka okunye,” kusho uGerrard.