Umqeqeshi wamaProteas uMark Bucher usijabulele isinqumo seCricket SA emthole engenalo icala odabeni lokusolwa ngokucwasa ngokwebala.

NgoLwesibili ekuseni, iCricket SA ikhiphe isimemezelo icacisa ukwehliswa kwecala lokucwaswa ngokwebala ngoba abukho ubufakazi bokusekela lezinsolo.

“Ngiyasamukela isinqumo seCSA sokwehlisa wonke amacala ebengithweswe wona. Izinsolo zokucwasa ngokwebala ebezibhekiswe kimi bezingenabo ubufakazi, zaphinde zangilimaza emoyeni.

Izinyanga ezedlule bezinzima kakhulu emndenini wami. Ngiyajabula uma iCSA igcine ivumile ukuthi amacala abhekiswe kimi awanabo ubufakazi,” kusho uBoucher esitatimendeni.

Amacala athweswe uBoucher asukela esigcawini seSocial Justice and Nation Building, lapho kwatholakala khona ukuthi lomqeqeshi ubehlanganyela kwizenzo zokucwasa ngokwebala. Kwagqama ukuthi uBoucher wayekhona kuculwa ingoma ecwasayo eyayibhekiswe kuPaul Adams. Lokhu kwakwenzeka uma iqembu libambe imihlangano yokuhlawulisa izephulamthetho ngesikhathi besadlalela amaProteas.

“Ngisaxolisa namanje kuPaul ngokumzwisa ubuhlungu esengumdlali wamaProteas. Njengoba ngangishilo encwadini efungelwe kwiSJN, ezinye zezinkululo zami zazingalungile futhi zingavumelekile, ngiyaqonda ukuthi zamphatha kabi.

Ngiyaziqhenya ngokuba yingxenye yeqembu elamukela wonke umuntu liphinde lihloniphe bonke abantu. Ngicabanga ukuthi udaba selugoqiwe manje, angisafuni ukukhuluma ngalendaba. Ngifuna ukuqhubeka nomsebenzi wami, ngibeke iqembu lamaProteas ezindaweni ebalazweni.

ICSA ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukwehliswa kwezinsolo zokucwasa. ICSA ithe ukunqaba ukukhuluma kuka-Enoch Nkwe no Paul Adams esigcawini yikhona okugqugquzele lesinqumo. Isigcawu besizoqala ngomhlaka 16 kuMeyi siphothule zingu-20 kulenyanga.

Nayo iCSA yabeka uBoucher icala lokungaziphathi kahle ngoJanuary ngemuva kokuvela kwezinsolo zokucwasa ngokwebala esigcawini seSJN.