I-Africa Cup of Nations ingase ibe sengcupheni yokuhlehliswa noma kudingeke isingathwe ngelinye izwe njengoba intsha yaseMorocco ibhikisha ikhalaza ngokutshalwa kwenqwaba yemali ebholeni ekubeni kunezinye izidingo ezibhekene nezwe.
IMorocco isitshale itshe le mali ukuthuthukisa ibhola ezweni naseqenjini lesizwe, okusekuyibeke kunombolo 1 ebholeni lase-Africa. Ngaphandle kokuba neqembu eliqinile nezinhlaka zentsha eziqinile, iMorocco itshale imali eningi yakha inqalasizinda yebhola, sibala izinkundla zamaqembu adlala kwiligi, kanye nama-training facilities entsha ngokunjalo nabesifazane abadlala ibhola.
Izosingatha i-AFCON elandelayo, njengoba kade isingethe i-WAFCON, bese ngo-2030 isingathe iFIFA Wiorld Cup ngokubambisana neSpain nePortugal.
Imali esichithwe wuhulumeni waseMorocco isiholele ekutheni kube nemibhikisho ebuza ukuthi kungani ingafakwa kwezinye izinto.
Kube nemibhikisho kuwona wonke amadolobha amakhulu aseMorocco, intsha ibuza ukuthi kungani imali ingafakwa kwezempilo, ezemfundo kanye nezokuthutha.
Sekuboshwe abantu ababalelwa ngaphezulu kuka-400 kule mibhikisho eqhubekayo futhi kulindeleke ukuthi ishube uma sekusondele i-AFCON.
Ekhuluma emhlanganweni weCAF eCongo umengameli wayo uPatrice Motsepe uthe konke kuzohamba njengoba behlelile, ngeke bashintshe lutho.
I-AFCON izoqala ngo-21 December 2025 iphele ngo-18 Janaury 2026.