Umqeqeshi weKaizer Chiefs uCedric Kaze usefanise umdlali oyibamba esiswini uSibongiseni ‘Ox’ Mthethwa noYusuf Maart ngokwenza umsebenzi onganakwa enkundleni noma esiza iqembu.

UKaze ubeke kanje ngemuva kokuqokwa kukaMthethwa njengomdlali ovelele ngesikhathi iChiefs ikhishwa yiStellenbosch FC kwiCarling Knockout.

“U-Ox usegxekwe kakhulu kodwa kuningi akwenzela iqembu,” kusho uKaze.

“Umsebenzi wakhe awubongwa, futhi akayena umdlali ofuna ukukhonzwa, akenzi izinto zokufuna ukubukwa, kodwa usebenzela iqembu.

“Wenza umsebezni ongcolile abanye abangafuni ukuwenza, uhamba nabantu, uyamaka.”

UKaze uqhube wafanisa uMthethwa noMaart obehlale egxekwa ngesikhathi sakhe kwiChiefs.

“Ngesizini edlule besinomdlali ofana noYusuf Maart, ubegxekwa njalo kodwa ubekhombisa ukuzethemba, futhi wasinqobela iNedbank Cup.

“Ngikhuluma ngalento ngoba ngifuna ukuvikela abadlali bami, benza konke okusemandleni. Kuyiqiniso ukuthi asiyitholi imphumela njengamanje, kodwa siyethembisa iyeza, iqembu lizohlangana.”