UMqondisi wezokuMaketha kwiKaizer Chiefs uJessica Motaung uthi zisaqhubeka izingxoxo nensephe kanozinti u-Itumeleng Khune okungacaci ngekusasa lakhe eqenjini.
Ngasekupheleni kwesizini ka-2023/24, IChiefs yahlela umcimbi wokubonga lonozinti oseyoqeda iminyaka ebalelwa ku-25 eyingxenye yeqembu.
Ngesikhathi uKhune eqala isizini edlule, wayekade edonswe ngendlebe, wachazelwa ukuthi izinsuku zakhe ebholeni seziyaphela. Iqembu lambekela umsebenzi wokucija onozinti uma esenquma ukuthatha umhlalaphansi.
Izinto azimhambelanga kahle uKhune njengoba wamiswa ekuzibandakanyeni neqembu kulandela isenzo sakhe sokutheleka ejimini ebukhile ngoDisemba 2023.
“Sisaqhubeka nezingxoxo ngekusasa likaKhune, iqembu lizokwenza isimemezelo. Sekuphele iminyaka engu-25 ekhona eqenjini, usefana nobhuti omncane kimi.
“Izingxoxo zimayelana namathuba esingamnikeza wona eqenjini. Sizomemezela isinqumo esiphumile ngekusasa lakhe kungekudala,” kusho uJessica obekhuluma emcimbini wokwethulwa kweToyota Cup ngoMsombuluko.
Ngesizini esanda kusongwa, uKhune uvimbe emidlalweni eyisithupha kuphela.
UJessica uphinde waxwayisa abalandeli ngabantu abasabalalisa izindaba ezingelona iqiniso ngeqembu.
“Angiboni kulungile ukuphawula ngezindaba ezingaqinisekisiwe. Sizokhipha ezinye izitatimende ezinolwazi oluqondile. Umqeqeshi simqinisekise izolo, uhlangane nabadlali namuhla, sebeyajwayelana.
“Kukhona izimemezelo esizoziqinisekisa. Sizomemezela abadlali, nezinye izindaba ezithinta iqembu. Ngiyacela ukuthi abalandeli balindele izitatimende zeqembu ngoba kuningi okusabalaliswa ngeqembu.
“Kukhona abalandeli nabezindaba abafuna ukuthembeka ngokukhipha izindaba kuqala. Abantu abalindele izimemezelo eziqhamuka kulona ngqo iqembu ngoba sizokhipha izimemezelo maduze,” kubeka uJessica.
IChiefs izotholana neYoung Africans emdlalweni weToyota Cup ozobanjelwa eFree State Stadium ngomhlaka 28 kuJulayi.