Amehlo amaningi athe njo kwi-Manchester United njengoba kulindeleke ukuthi iqhubeke nokukhuculula isikwati sayo ngaphambi kwesizini ka2024/25 okungasensuku zatshwala iqale.
Ama-Red Devils athwale kanzima kwi-Premier League ngesizini edlule, yaze yaqeda kunombolo 8. Yize bewine i-FA Cup emva kokuguqisa omkhaya iManchester City kaPep Guardiola kowamanqamu, abalandeli bebengeneme neze ngendlela iqembu elidlale ngayo isizini yonke.
Lokhu kuholele ekutheni kugcine sekunengcindezi yokuthi kushintshwe umqeqeshi noma kukhucululwe isikwati. Umqeqeshi u-Erik ten Hag ukwazile ukugcina umsebenzi wakhe emdlalweni wokugcina wesizini ngokushaya iMan City kwi-Final ye-FA Cup, njengoba izikhulu ze-United zamuklomelisa ngenkontileka entsha eyoze iphele eminyakeni emibili (2026). Kube sekubhekwa izintshintsho azozenza njengoba sekucacile ukuthi usahleli, kodwa kusamenyezelwe ukuhamba kuka-Anthony Martial, uRaphael Varane noBrandon Williams kuphela. U -Donny van de Beek iyaqina indaba yakhe ne-Girona yase-Spain, okuthiwa izomuthola ngemadlana engaphansi kuka €500k.
Kodwa iningi lalaba badlali akwethusi ukuthi bazohamba ngoba bebevele bengasadlali. Abalandeli baningi bebezibuza ukuthi leli qembu lizokwenza njani ngabadlali abathathu kakhulukazi, okungo-Harry Maguire, Jadon Sancho kanye no-Mason Greenwood. U-Harry Maguire kuke kwanezinsolo zokuthi uzoya kwi-West Ham ngesizini edlule emva kokuthi aphucwe ibhande lobukapteni, kodwa kwagcina kungenzekanga ngoba ethi uzimisele ngokulwela indawo yakhe kwi-United. Uqhubekile walikhuhla ibhentshi ngesizini ephelile, wadlala imidlalo engu-18 kuphela, nakhona ngoba kwalimala abadlali abaningi basemuva. Nakuba ehamba URaphael Varane, kubukeka sengathi uMaguire akekho ezinhlelweni zeqembu njengoba lisafuna uMattijhs de Ligt we-Bayern Munich kanye no-Jarrad Branthwaite we-Everton abadlala emuva.
U-Jadon Sancho yena waxabana no-ten Hag ngesizini ka2023/24 baze batinyelana ngamagama phambi kwabezindaba, okuholele ekuthenini u-Sanco adedelwe ekuqaleni kwesizini ephelile, kodwa ubebolikisiwe kwi-Borussia Dortmund yase-Germany, la afike wadlala kahle kakhulu khona belekelela iqembu lifike kwi-final yeChampions League la abadliwa khona ompetha iMadrid. U-Sancho ube ngomunye wabadlali abavelele kulo mncintiswano, okungenzeka ukuthi yisona isizathu esenza i-United inqikaze ukumdedela.
U-Mason Greenwood omunye okunabaningi abebezibuza ngesimo sakhe kuleli qembu. Lo mdlali wakhuliswa khona kwi-academy ye-United waze wafika eqenjini elikhulu, la afika waqala qazakhela udumo esaneminyaka engu-17. Ube esemiswa kuleli qembu sekuyophela u-2021 emva kokusabalala kwendaba yokuthi wayenukubeza owesifazane ayethandana naye u-Harriet Robson. Ubuye ngesizini edlule, la i-United imubolekise khona kwi-Getafe yase-Spain, la azikhombise khona ukuthi usekhona, kwaze kwenza amataniswe namaqembu afana no-Bayern Munich kanye ne-Atletico Madrid, kodwa izinhlelo ze-United ngalomdlali azikacaci.
Njengamanje kubikwa ukuthi ufunwa yiMarselle eFrance.