Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane, uthi bazamile ukusayinisa abanye abadlali ngoJanuary kodwa ngeshwa akuhambanga ngendlela abebefisa ngayo.

IChiefs igcine isayinise umgadli waseDRC uChristian Saile Baomboli okuphoxe abalandeli abaningi kwazise bekunethemba lokuthi kuzovalwa isikhala sikaNjabulo Blom osegijima kwi-MLS. Abanye abalandeli baphinde baphakamise imibuzo ngokuthi iChiefs izokwenzenjani uma kulimala abanye abadlali abayizethenjwa zeqembu.

“Kubeyishwa nje. Sizamile ukusayinisa abanye abadlali kodwa kugcine kungenzekanga, kwaphoqa ukuthi siqhubekele phambili sigxile kubadlali esinabo,” kusho uZwane izolo ekhuluma nabezindaba.

“Ukulimala kwabadlali kuyinto eyohlale yenzeka ebholeni, kodwa angifuni ukubuka emuva ngizisole ngokuthi sasingenzani kangcono nezinto esingazenzanga.”

UZwane ubekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo weNedbank Cup weChiefs neMaritzburg United ongoLwesihlanu ngo-19:30.

Uthe ulindele umdlalo onzima kwiTeam of Choice njengoba izobe idlalela ekhaya.