Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, uveze ukuthi akumtatazelisanga ukubuya kweMaritzburg United ngesikhathi beyishaya ngo 3-2 koweDStv Premiership ngoMgqibelo eHarry Gwala Stadium.
IChiefs ibihamba phambili ngamagoli amabili kulo mdlalo ngaphambi kokubuya ngamandla kweTeam of Choice zabambana ngo 2-2 esiwombeni sokuqala. Amakhosi agcine enqobe ngepenalty evalelwe wuYusuf Maart esiwombeni sesibili ngomzuzu ka-76.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uZwane ubeke kanje: “Akungitatazelisanga nakancane (ukubuya kweMaritzburg) ngoba ngiyakholelwa kubadlali bami. Ngiyakholwa wukuthi uma sesiwuphethe umdlalo siyakwazi ukwakha amathuba futhi siyalithola igoli.
“Uma kusakhona uSaile, Ashley Du Preez, Keagen Dolly noMdu Shabalala sizokwazi ukwakha amathuba okokura.
“Kodwa ke kulo mdlalo besingenza kangcono, sikhona isikhala sokudlala kangcono. Sizoqhubeka sisebenze ngokuzikhandla ukuze sithole imphumela.