Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, uphinde wakhala ngenqwaba yamathuba ayekwe abadlali bakhe Amakhosi eshaya iRichards Bay FC ngo 1-0 koweDStv Premiership eKing Zwelithini Stadium.

IChiefs ikhuphukele kunombolo 4 kwi-log kulandela ukunqoba ngegoli likaSiyabonga Ngezana elingene ngomzuzu wesishiyagalombili. Ukunqoba kweChiefs kuyisondeze endaweni yesibili ebangwa yinqwaba yamaqembu angaphansi kweSundowns njengoba iza neCAF Champions League.

IRichards Bay ibe nebhadi kulo mdlalo kuphuma unozinti uSalim Jamal Magoola esiwombeni sokuqala ebamba ibhola ngesandla ngaphandle kwebhokisi.

Amakhosi ahlulekile ukuqaqa udonga lweBay noma isishodelwa abadlali, okuyinto uMangethe akhalaze ngayo ngemuva komdlalo.

“Siwuqale kahle umdlalo, sashaya igoli. Ngemuva kwegoli sehlise umfutho…sabatshela abadlali ukuthi abaqhubeke nokufaka ingcindezi, okuyinto abayenzile sakha amathuba amabili amathathu, kodwa ngemuva kwekhadi elibomvu siphinde sazithela ngabandayo.

“Ngibatshaleli ngesikhahi sekhefu ukuthi kulo mdlalo sinethuba lokuvalela amagoli amahlanu, kade sagcina ukukwenza lokho. Esiwombeni sesibili besikhululekile kakhulu…sizamile ukutshela abadlali ukuthi abathole igoli lesibili siqede ngomdlalo kodwa akwenzekanga. UDuba uthole amathuba amabili abangewavalela ngaphambi kokuphela komdlalo.”