Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi bebefuna ukusheshe bakhumbuze abalandeli beZimnyama ngendlela abafuna ukudlala ngayo izolo ngesikhathi iBucs ixebula iSwallows FC ngo 4-1 eDobsonville Stadium.

Umdlali ovutha engabaselwe kule sizini, uMonnapule Saleng, ushaye ihat-trick kulo mdlalo, elinye igolo lavalelwa wuTerrence Dzvukamanja. USaleng usevalele amagoli awu-8 kwiDStv Premiership kule sizini.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uRiveiro uncome ezakhe ngendlela ezidlale ngayo kulandela ukubhacaza kwiSoweto Derby ngesonto eledlule.

“Sibe nesonto elinzima ngemuva komphumela womdlalo odlule, sasinganeme ngendlela esadlala ngayo. Umdlalo esawubukisa abalandeli akuyona indlela esifisa ukudlala ngayo,” kusho uRiveiro.

“Sesilikhombisile kaningi ibhola esifuna ukulidlala kodwa kufanale sijwayele ukudlala ngalendlela kuyo yonke imidlalo, ikakhulukazi indlela ebesifuna ngayo ibhola uma lisilahlekela esiwombeni sokuqala. Ngijabule nangokuthi ibhola besilidlalela kuhhafu wabo, ngigculisekile ngendlela esidlale ngayo.”

IPirates izobhekana neVenda Football Academy emdlalweni weNedbank Cup round of 16 ngempelasonto ezayo.