U-Arthur Zwane uphinde wakhala ngamaphutha enziwa yizitobha zakhe kulesizini.

Emdlalweni ophele ngo 1-1 bebhekene neMarumo Gallants, uZitha Kwinika wenza iphutha elaholela kwigoli.

UZwane akawagwinyanga amazwi akhe, ukuvumile ukuthi uKwinika uyena obhacazile ngesikhathi kungena igoli.

“Namanje sisaqhubeka ngamaphutha ayingozi. Ngiyasho ukuthi abadlali abahlehle uma ingekho ingcindezi ebholeni. Ibhola belizowela komunye wabadlali bethu ukube uZitha ukwenzile lokho. Zonke izitobha zethu zivele zabukela.

Ngiphoxekile kakhulu ngoba ngibona bekufanele ukuthi sibuye namaphuzu amathathu kulomdlalo,” kusho uZwane ekhuluma nabezindaba.

IChiefs iqale umdlalo ngaphandle kwesethenjwa somgadli uKhama Billiat obelimele idolo.

“UBilliat ulimele edolweni, sisamhlola okwamanje, benoReeve Frosler. Sizokhetha isikimu kubadlali abaningi uma sebebuyile,” kubeka lomqeqeshi.

IChiefs izokwamukela iSuperSport United emdlalweni olandelayo weligi ngoMgqibelo.