USihlalo weChippa United uSiviwe Mpengesi usola uGavin Hunt ngokubopha inhliziyo ngoba waxoshwa eqenjini.
UMpengesi uthi uHunt washaya udaka ngesikhathi eqeqesha iChilli Boys ngesizi edlule.
UHunt waxoshwa kwiChippa eyayibhekene nempi yezembe isikhathi eside esangumqeqeshi.
“UGavin Hunt wanikezwa ithuba iqembu lethu, wazihlulekela. Ngamxosha, manje ungibophele inhliziyo. Inkulumo yakhe imuncu.
UHunt wahluleka ngisho kwiKaizer Chiefs, waxoshwa nakhona. Wayethanda ukuthi asinabo abadlali abasezingeni. U-Eva Nga (Bienvenu) akazange a lishaye igoli kusekhona uHunt. UNga washaya amagoli alishumi engasekho uHunt.
UGavin Hunt waxoshwa unozinti oyisethenjwa uLloyd Kazapua. Wayezama ukuveza ukucabanga kwakhe kodwa angiboni kufanele alalelwe. Angeke mgivumelane ngenkulumo yakhe ethi asinabo abadlali abasezingeni.
Ngiyamthanda uDaine Klate. Akaxoshiwe eqenjini. Sizomnikeza isikhundla ezinhlakeni zeqembu,” kubeka uMpengesi.