Umqeqeshi uLuc Eymael uyavuma ukuthi uSihlalo weChippa United uSiviwe Mpengesi useke waxhumana naye, ezama ukunikeza umsebenzi eqenjini lakhe.
U-Eymael, osebenza eLibya kwi-Al Ittihad Misrata uthi akanankinga nokusebenza eMzansi uma kuvela ithuba.
Lomqeqeshi ubeke kanje enkulumweni yakhe neDaily Sun:
“Ngamchazela uChippa ukuthi kufanele akhulume indaba yemali yokungikhulula kwinkontileka uma ezimisele ngami. Ngiyalihlonipha kakhulu iqembu.
Ngiyayithanda iNingizimu Afrika, abantu, nempilo ephilwa khona. Sikhulumile noMpengesi, akukho esivumelene ngakho,” kubeka lomqeqeshi.