Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, kumfakele ukuzethemba ukunqoba kwezakhe zibhekene neSuperSport United ngoMgqibelo.

UZwane ubengaphansi kwenkulu ingcindezi yokuhlenga umsebenzi wakhe njengoba iqembu belihleli kunombolo 14 futhi abaningi bekhala ngokuthi libukeka lihluleka ukunqoba imidlalo. Ekhuluma ngemuva komdlalo abawunqobe ngo 2-1, uZwane uthe basaqhubeka nokubumba iqembu kodwa sebefuna ukuqoqa amaphuzu.

“Angisho ukuthi sizonqoba yonke imidlalo, kodwa kumele siqinisekise ukuthi uma amaqembu eza kwiChiefs eFNB Stadium ayazi ukuthi azonikela amaphuzu. Ilapho okumele siqale khona. Ngeke silungise yonke into ngesikhathi esisodwa,” kusho uZwane.

IChiefs ikhuphukele kunombolo 9 ngemuva kokunqoba lo mdlalo. Izoba namasonto amabili okulungiselela umdlalo weMTN8 naMaZulu ngaphambi kokudlala neSwallows FC eDobsonville Stadium ngo-October 5.