Umhlaziyi webhola kwiDiski TV uJunior Khanye ukhomba umunwe kumqeqeshi u-Arthur Zwane kanye nabadlali akabasayinisile ngokuhluleka ukuguqula imiphumela kwiKaizer Chiefs.

IChiefs iyiqale ngebatha isizini ka-2022/23 njengoba ihleli kunombolo 14 kwiDSTV Premiership ngemuva kwemidlalo eyisithupha.

UKhanye uthi uZwane uyena ohluleka ukuhlanganisa iqembu futhi nabadlali abasayinisiwe abathembisi.

“Kuyaphoxa ukubona ukuthi iChiefs ayikaze inqobe indebe eminyakeni eyisikhombisa yize inezinsiza eziningi. Iqembu lisebenzisa inkundla ehlonishwayo ezweni iFNB Stadium. Angeke babeke izikhalazo.

Abalandeli sebebuyile ezinkundleni, iqembu liyesekwa kakhulu. Iqembu liyabaphoxa abalandeli. Kungani usayinisa abadlali abasuka kwiSwallows ekubeni ibivika izembe isidlala kumaPlay-Offs?

Kukhulunywa ngoMahlatsi (Kamohelo) kodwa ubedlala eqenjini elicishe ladliwa yizembe. UGeorge (Matlou) kodwa ubengasafakwa ngisho esikwatini seqembu sekuzophela isizini.

UMaart wahluleka ukudlala eqenjini elikhulu le-Orlando Pirates?
Kungani abuyela kwi-ABC Motsepe League ngesikhathi eshiya kwiPirates? Ngiyavuma udlalile kwiSekhukhune (United) kodwa wayebanga ijezi nobani?

USiyethemba akatholi nejezi kwiBafana Bafana kodwa usayinwa yiChiefs, iqembu elingakaze linqobe izindebe eminyakeni eyisikhombisa, elilindele lukhulu kubadlali.

Okunye ukuthi iqembu lithemba u-Arthur Zwane ngomsebenzi wokuqeqesha iqembu elingaphansi kwengcindezi yize engenaso isipiliyoni.

IChiefs yahluleka ukunqoba imidlalo ekubeni idlale ezinkundleni ezingenabo abalandeli. Kungani ungalindela ukuthi yenze kangcono uma sekugcwele abalandeli abafuna imiphumela?

Ngibekwa njengomuntu omuncu, ongalithandi iqembu uma ngikhuluma lamaqiniso. Kodwa ngikhuluma iqiniso ngezinqumo ezine zabaqeqeshi, uphinde ubhale nabadlali abasayiniswe yiqembu,” kubeka uKhanye.