Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi iChiefs ibiludinga uhlobo lomgadli onjengoCaleb Bimenyimana, ovalele amagoli amabili ngesikhathi benqoba ngempelasonto.
UZwane uncome abadlali beChiefs ngokunqoba lo mdlalo njengoba besekuphele imidlalo emithathu bengayazi i-win.
“Kumele ngibancome abadlalai, ngicabanga ukuthi badlale kahle kakhulu. Ngaphandle nje komphumela, besisegiyeni elifanele, noma siqale ngonyawu lonwabu. Kwimzuzu ewu-20 uqalile umdlalo asiwakhanga amathuba, kodwa ngemuva kokungenelwa yigoli sivuke emaqandeni.
“UCaleb usinikeza enye indlela yokudlala. Sinabadlali abaningi abanomjiko, abaliphatha kahle ibhola kodwa abangekho bade. UCaleb uqinile futhi uyashesha uma sihlasela. Uyashesha ukufika kwi-near post, okuyinto ebesiyidinga. Siqinisekisile ke ukuthi abadlali bayameseka enkundleni ngoba akusizi ukuletha lolu hlobo lomdlali angangeni khaxa ekusizeni iqembu ngendlela elidlala ngayo.”
IChiefs izobhekana neRoyal AM kwiMacufe Cup kule mpelasonto njengoba kuzobe kunekhefu leFIFA. Iyoze ibonakale ngo-October 5 kwiDStv Premiership emdlalweni neSwallows FC. Ngaphambi kwalowu mdlalo izotholana phezulu noSuthu kwisemi-final yeMTN8.